Uma uMmangalelwa ephula Umyalelo Wokuvikeleka ngok-uphinda ahlukumeze ngokomzimba noma ngokomlomo ngendlela echazwe ekuqaleni kwale ncwajana, ungakwazi uk-ufaka isikhalazo esiteshini samaphoyisa bese unikezela Incwadi Yokubopha kumaphoyisa azobe esebopha Ummangalelwa.
Isinqumo sokusebenzisa Incwadi Yokuboshwa emva kokweqiwa koMyalelo singesakho ngokuphelele.
Ungakwazi, nganoma yisiphi isikhathi, ukufake isicelo ukuze Umyalelo wakho ubekelwe eceleni, kodwa, kungumbono kaMantshi ukuthi Isifungo asibekele ecelene noma cha. Loku kuzokusho ukuthi Umyalelo wokuzivikela uzothathwa njengongasasebenzi.
Umthetho Wokuhlukunyezwa Kwemindeni We-116 Ka-1998 uvumela ukuthi ohlushwayo ngohlukunyezwa umndeni noma olinyazwayo afune Umyalelo Wokuvikeleka Enkantolo Yemantshi maqondana nomuntu omhlukumezayo. Inhloso yalo Mhlahlandlela ukuthi unikeze ohlushwayo ulwazi aludingayo ukuthi alethe incwadi yesicelo soMyalelo Woku-vikeleka ngokulandela Umthetho Wokuhlukunyezwa kwemindeni. Bobabili abesifazane nabesilisa bangaba necala, baphuinde babe ngabahlushwayo Odlameni Lwemindeni. Ngenhloso yalo Mhlahlandlela kodwa, siye safanekisa ukuhlukunyezwalinygzwa oku-maqondana nabesifazane ngoba lokhu yikhona okujwayelke ukwenzeka kakhulu.
owabelane naye ngesethembiso somshado, ukuthandana ngokwesiko noma ngokuvakashelana, okufaka ukuthandana kwangempela noma okwakubon-akala, okunokwazana kakhulu noma kokuya ocansini nganoma yisiphi isikhathi umuntu owabelana naye noma oye wabelana naye kungekudala indawo efanayo Le ndaba ingahlehliswa ibekelwe olunye usuku lokuya enkantolo. UNobhala Wenkantolo uzokusiza noma akuqondise emuntwini ozokusiza ngokubhala impendulo.
Ngosuku lokulalela icala iMantshi izozama ukwenza isinqumo esesekwe ngeZifungo ezi-fayilwe yibo bobabili. Imantshi ingacela oyedwa wenu noma nina nobabili ngencazelo yenu yezindaba ezithile. Imantshi ingathatha isinqumo sokuqinisekisa Umyalelo ibekele eceleni Umyalelo bese iphoqelela ukuthi kulalelwe ubufakazi bomlomo.
uMmangalelwa uzoboshwa yini ngoMyalelo Wokuvikeleka?
uMmangalelwa angeke aboshwe lapho enikezwa Umyalelo Wokuvikeleka.
Yini Ukudelela Inkantolo?
Lokhu kwenzeka uma Ummangalelwa engalandeli Umyalelo, noma ehluleka ukuvela eNkantolo Yamacala Obugebengu ukuzophendula ngamacala abekwe wona.
Uma ucabanga ukuthi ungohlushwayo nganoma yiluphi uhlo-bo lokuhlukunyezwa Kwemindeni njengoba kubalwe ngenhla, yiya eNkantolo Kamantshi eseduzane bese ucela usizo lokuthi ungasifaka kanjani isicelo soMyalelo Wokuvikeleka. Unobhala weNkantolo uzokusiza ukuthi ugcwalise amafomu afanele futhi akuse naphambi kwemantshi ezobheka ukuthi kumele yini ikunikeze Umyalelo noma cha. Imininingwane yabanikezela ngezinsiza abangakweluleka bakusize ngokuphathelene na-lokhu inikeziwe ekuqaleni kwalo Mhlahlandlela.
UNobhala weNkantolo uzokusiza ekugcwaliseni amafomu adingekayo kanye nokukusa ngaphambi kweMantshi.
Kumele ngiye kuyiphi Inkantolo?
Iya enkantolo eseduzane nalapho uhlala noma use-benza khona. Uma ngabe kuwukuthi waphoqwa ukuthi ushiye inda-wo ohlala kuyo ngenxa yokuhlukunyezwa futhi uhlala kwenye indawo okwesikhashana, ungaya enkantolo eseduzane nendawo ohlala kuyo okwesikhashana.
Umyalelo Wokuvikeleka wesikhashana uzocela Ummangalelwa (umuntu ohlukumezayo) ukuthi angakuhlukumezi ngendlela ecaciswe eshiwo ku-Affidavit yakho.
Ezimweni ezimbi kakhulu, iMantshi ingakubona kufanele ukuthi iphoqelele Ummangalel-wa ukuthi aphume endlini abahlala kuyo bonke noma amvimbele ukuthi angene ez-indaweni ezithile zendawo abahlala kuyo.
Uma ngabe yizingane ezihlushwayo kuloku kuhlukunyezwa, Inkantolo ingaphoqelela ukuthi Ummangalelwa angabonani nezingane nhlobo noma azibone okwesikhashana nje.
Inkantolo ingenza umyalelo wokusizwa ngezimali esheshayo. Loku kusho ukuthi uma ud-inga ukufaka isicelo sezindleko zokugula noma imali yokuhlala kwenye indawo ezivele ngokuqondene ngqo nokuba ngumphumela wokuhlukunyezwa, kumele unikeze ubu-fakazi bezindleko obe nazo bese ucela inkantolo ukuthi ibheke lesi sicelo.
Inkantolo ingatshela amaphoyisa ukuthi athathe isibhamu sommangalelwa uma ngabe eke wenza nanoma yikuphi ukwesabisa impilo yakho ngaso.
Ukuze ibhekele ngokugcwele uhlobo lokuhlukunyezwa okucacile okwenziwa kuwe inkan-tolo ithembele kuSifungo osenzile lapho ufaka isicelo sakho.
Umyalelo Wokuvikeleka wesikhashana kumele unikezwe Ummangalelwa (umuntu ohlukumezayo) ngokushesha okukhulu. Awukwazi ukuya ngokwakho uyonikeza Ummangalelwa Umyalelo Wokuvikeleka njengoba lokhu kungeke kube indlela yokwenza umsebenzi elungile. Ngamanye amazwi, ukunikeza Umyalelo Wokuvikeleka wesikhasha-na ngumsebenzi womunye umuntu osesikhundleni sokuba semthethweni okusho ukuthi Iphoyisa. Kumele umukise Umyalelo Wokuvikeleka wesikhashana Ehhovisi likaSherifu noma esiteshini samaphoyisa esiseduzane nekheli lom-mangalelwa lasekhaya noma lasemsebenzini. Esiteshini sama-phoyisa, uyacelwa ukuba ukhumbule ukubhala phansi igama kanye/noma inombolo yebheji yomuntu oyiphoyisa omnikeza lo-Myalelo. Lokhu kuzokusiza ukuthi ukwazi ukulandelela kalula Umy-alelo esikhathini esizayo. Iziteshi eziningi zamaphoyisa zineSisebenzi esiGunyaziwe sokuphatha izindaba zokuhlukunyezwa kwemindeni.
Hlela nePhoyisa ukuthi liqoqe, Incwadi Ebuyiswayo,(Ubufakazi Bokunike-za). Lobu wubufakazi bokuthi Umyalelo Wokuvikeleka uye wanikezwa Ummangalelwa nokuthi lowo muntu uwamukele ngokwakhe. Ungahleli ukuthi iphoyisa lithumele noma lipose Incwadi Ebuyiswayo iye Enkan-tolo ngoba lokhu kuhamba kancane kakhulu futhi akufiki enkantolo ngaphambi kosuku lokubuyiswa.
